BUKA: UDr Malinga uculele uLundi noSfiso Ncwane ingoma

2017-02-01 13:00

Johannesburg – Umculi wakuleli uDr Malinga useculele ingoma ekhethekile izihlabani zomculo wokholo ezisanda kudlula emhlabeni ngokulandelana, uLundi Tyamara kanye noSfiso Ncwane.

UMalinga ufake enkundleni yezokuxhumana i-Instagram i-video yakhe ecula ingoma ekhethekile ngalezi zihlabani zomculo wokholo nalapho ibihambisana khona nombhalo othi “Ukubonga kuLundi Tyamara kanye noSfiso Ncwane".

OLUNYE UDABA: Kuthinteke nendodana kaSfiso Ncwane ngokushona kukaLundi

ULundi Tyamara ushone eseneminyaka engu-38 ubudala e-Edenvale Hospital nalapho kade elashelwa khona i-TB yesisu kanye nokugula okuphathelene nesibindi.

NgoDisebamba wangonyaka ka-2016, kwadlula emhlabeni uSfiso Ncwane ngemuva kokugula okuphathelene nokuhluleka ukusebenza kwezinso.

Buka uDr Malinga ecula lapha:

Tribute to Lundi Tyamara and Sfiso Ncwane.

A video posted by Dr Malinga (@drmalinga) on

 

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Mostly sunny. Cool. Pta: 14-28°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-23°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 8-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-27°C More sun than clouds. Warm. PE: 16-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...