BUKA: UDJ waseThekwini uthengele umama wakhe imoto

2017-10-17 16:00

Durban - UDJ wakuleli ozinze eThekwini ulandele ezinyathelweni zabanye osaziwayo okubalwa kubo uThando Thabethe, uMinnie Dlamini noGigi Lamayne asebethengele abazali babo izimoto.

UDJ Junior De Rocka, onohlelo kwiGagasi FM, uthengele umama wakhe imoto entsha ceke.

Lo saziwayo usabalalise i-video yakho konke obekwenzeka enkundleni yezokuxhumana ngesikhathi enikeza umama wakhe izikhiye zemoto.

OLUNYE UDABA:Umrepha uthengele umama wakhe imoto

"Awukho umzuzu ofana nalo ebengiwuthandazela impilo yami yonke, wokuba ngikwazi ukuthengela umama imoto ayithandayo.

"Sengizame ngamandla ami wonke ukuthi ngimenzele okuhle ngize ngimuthengele imoto," lawa ngamanye amazwi abhalwe yilo DJ abehambisana nale video.

Umama wakhe ubonakala ethokozile aze akhale izinyembezi.

 - IVIDEO:

 - IZITHOMBE:

Priceless Moments ????

A post shared by Junior De Rocka (@juniorderocka) on

 - Daily Sun

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Scattered showers. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-29°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C Morning clouds. Mild. Bloem: 12-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...