Buka: UDJ 'efaka' impama imenenja yomrepha

2016-09-25 13:29

Johannesburg - Inkakha emculweni weHouse uDJ Black Coffee akakwazanga ukuzibamba wavele wabamba ngezandla imenenja yomrepha wodumo u-AKA, emcimbini we-DStv iRock, ePolokwane.

Lokhu kulandela ngemuva kokuba efika sesidlulile isikhathi sakhe sokuba anandise kodwa wafuna ukunandiosa ngenkani ngale kokuthi sekufanele kunandiose omunye umuntu.

OLUNYE UDABA:Lizolalelwa ngoLwesithathu elikaDJ Black Coffee

U-AKA bekufanele anandise imizuzu engu-35; phakathi kuka-22:10 no-22:45 kanti uBlack Coffee yena ubehlelelwe ukuba anandise ihora lonke phakathi kuka-12:30 no-01:30.

U-AKA nethimba lakhe bafika sekusele imizuzu embalwa ukyba uBklack Coffeee anandise lafike lafuna ukungena esikhaleni sikaBlack Coffee.

Kwivideo yeZ'Khiphani.com uBlack Coffee ubonakala exabana nemenenja ka-AKA uTshiamo ngaphambi kokuyibhabhadisa ngempama eshisayo.

Ngemuva kwesigameko u-AKA ube esetshela abalandeli bakhe ukuthi bacele ukuba iDStv ibabuyisele imali yabo.

IVIDEO:

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     


- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C More sun than clouds. Cool. Pta: 18-30°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 17-26°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 15-27°C Rain early. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 21-31°C Isolated tstorms. Broken clouds. Warm. PE: 19-25°C Passing showers. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...