BUKA: UCassper Nyovest uthi umthanda ekude naye nomcimbi wakhe u-AKA

2017-11-30 14:02

eGoli - UCassper Nyovest osedume ngelika-Abuti Fill Up, uthi ngisho noma ngabe u-AKA uxhumane naye ngenye indlela ubengeke amqashe emcimbini wakhe wangempelasonto.

Lo mrepha uhlela indumezulu yomcimbi enkundleni yezemidlalo ngoMgqibelo kulo mcimbi owaziwa nge-#FillUpFNBStadium.

Exoxa nabe-Daily Sun uCassper ubehambele enkundleni yezemidlalo i-FNB eyohlola isimo nokuthi ahamba kanjani amalungiselelo omcimbi nokuyilapho ekhulume khona ngembangi yakhe.

Lokhu kulandela ingxoxo u-AKA aba nayo emsakazweni i-702 no-Azania Mosaka eveza ukuthi unalo uthando lokunandisa kwi-#FillUpFNBStadium.

Ngemuva kwale ngxoxo u-AKA wenze adume ngakho, ukucevuza ezinkundleni zokuxhumana ethi angaba yingxenye yalo mcimbi uma uCassper engamkhokhela isigidi samarandi.

OLUNYE UDABA: Usememezele ukuthi uzothatha umhlalaphansi uZodwa Wabantu

UCassper ushaye phansi ngonyawo wathi leyo yinto engeke ize yenzeke.

Isinqumo sakhe asigxilile ekutheni abazwani kahle, kodwa isimo sezimali nokunye kwenza uCassper adlalele kude nalo mrepha.

Nasi isizathu sakhe:

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Scattered showers. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-29°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C Morning clouds. Mild. Bloem: 12-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...