BUKA: UBonang ukhale izinyembezi ngenxa yenzondo ezinkundleni zokuxhumana

2017-07-04 19:28

Cape Town – Umethuli wezinhlelo zikamabonakude ongaconsi phansi kuleli, ukhombise ababukeli uhlangothi oluhlukile ngaye esikhangisweni sakamuva sohlelo oluqopha okwenzeka ngempela empilweni yakhe (reality show), olubizwa nge-Being Bonang.

Esiqeshaneni se-video (clip) emfishane – efakwe ku-Instagram wesiteshi sikamabonakude iVuzu Amp ngoLwesibili ekuseni - uMatheba ubonakala elele embhedeni efunda ezinye zezibonelo zenzondo ayithola ezinkundleni zokuxhumana maqede wakhala izinyembezi.

OLUNYE UDABA: BUKA: USkolopad nengubo ehlukile, uthi akasayingeni eyokuveza i- tattoo

Kuzokhumbuleka ukuthi kwi-clip yangaphambilini eyayiyisikhangiso salo lolu hlelo uBonang wathi yena akakhali nhlobo.

IBeing Bonang izoqala ukukhonjiswa esiteshini sikamabonakude esitholakala kuDStv, iVuzu Amp, ngoLwesihlanu, ngomhlaka-14 Julayi ngo-19:30 kusihlwa.

Zibonele lo mzuzu uBonang evukwa umunyu maqede kugeleze izinyembezi ngezansi: 

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-13°C Mostly sunny. Cool. Pta: 16-29°C Showers early. High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-24°C a few showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 5-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-18°C Scattered showers. More clouds than sun. Cool. PE: 12-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...