BUKA: UBonang esakaza nobekuthiwa ‘abezwani’ naye ohlelweni olusha

2017-04-03 16:01

Cape Town – Njengoba kuyisikhathi sezinguquko eziteshini ezahlukene zemisakazo, esinye seziteshi ezinkulu kuleli, iMetro FM, siyaqhubeka nokuba sematheni ngezinye zezinguquko zakamuva kanye nokushiya kwabasakazi abangomakadebona.

Ngaphezu kwalokho, lesi siteshi sithuse abaningi ngesikhathi isilomo somsakazi uDJ Fresh, ememezela ukuthi useyashiya ku-5FM, njengoba esejoyine iMetro FM.

OLUNYE UDABA: Imibiko ithi uSgqemeza usezosakaza yedwa kulandela izikhalazo zomphakathi

ULerato Kganyago obesakaza uhlelo lwasemini noMo Flava ujoyine ithimba lo hlelo lukaBonang, iFront Row, ngoMsombuluko, phezu kwemibiko yangaphambilini ethi laba abahoshelani kahle.

Ngemuva kohlelo lokuqala, kuye kwahlukana imibono ezinkundleni zokuxhumana ngendlela okuboshelwe ngayo laba basakazi.

Zibonele laba basakazi besakaza ndawonye lapha ngezansi, kanjalo nokuphawula kwabalandeli: 

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-21°C Sunny. Mild. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-20°C Sunny. Mild. Bloem: 0-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-27°C Sunny. Mild. PE: 11-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...