BUKA: "U-AKA nentombi yakhe basibangela iminciza abame kancane"

2017-12-29 16:05

eGoli - Abantu bathathele ezinkundleni zokuxhumana bezwakalisa ukudinwa kwabo ngalokhu okuvezwe wu-AKA nentombi yakhe uBonang Matheba.

NgoLwesithathu ekuseni, lo mrepha uthathele enkundleni uTwitter ebikela abalandeli bakhe ukuthi yena nentombi yakhe sebahlukene.

Lokhu ukushe, nentombi iyaphendula eceleni ibekwa olwayo uhlangothi.

Esikhundleni sokuba bathole uzwelo kubalandeli, lokhu kuvele kwabacika abantu bethi njalo benza lokhu ngoba befuna ukubukwa.

OLUNYE UDABA: Izosakazwa bukhona kuSABC 1, uKhozi FM nakuMetro FM iLast Dance Festival

Babodwa abathe sebeyazi ukuthi njengoba ekhuluma kanjena u-AKA yingoba esezokhipha icwecwe elisha kanti ufuna kulokhu kukhulunywa ngaye ukuze abantu balamukele.

Abenye bavele bathi basasemaholidini futhi basazilele uRobbie Malinga osanda kudlula emhlabeni, laba abake bame kancane ngokuba wonontandakubukwa.


- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-23°C Partly cloudy. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 18-28°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 16-28°C Rain late. Mostly cloudy. Warm.
Dbn: 21-27°C Mostly cloudy. Warm. PE: 20-26°C Showers late. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...