BUKA: Owesilisa ezidubula ngephutha kuxatshanwa emgwaqeni

2017-04-20 19:31

Durban - Owesilisa usesimweni esibucayi ngemuva kokuba ezidubule ngephutha ethi uzama ukudubula omunye abexabana naye emgwaqeni.

Lokhu kwenzeke ngoLwesine emini ku-M13 eFields Hill, KwaZulu-Natal.

Umshayeli wemoto yohlobo lweFord Ranger, okukholakala ukuthi useminyakeni eko-60 ubudala ubexabana nomshayeli weloli abacishe bashayisana naye.

OLUNYE UDABA:Odokotela bashiye ingane nama-cleaner bengenela isiteleka

Ngesikhathi behilizisana, umshayeli we-Ford uzidubule esandleni ngephutha ngesikhathi kunomzukuzuku.

"Ulimale kabi esandleni sakwesobunxele kangangokuba sicishe sanqamuka," kusho uMichelle Smith‚ ongumqondisi wezempilo kwaMeditech Emergency Response.

Le ndoda ilashelwe kule ndawo ngaphambi kokuphuthunyiswa esibhedlela.

Buka nansi i-video ngezansi:

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 17-28°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 13-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. PE: 12-21°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...