BUKA: OweMuvhango uvalelise abalendeli ngedili

2017-10-31 18:01

eGoli - Umlingisi ongaconsi phansi kwabaningi kuleli uSindi Dlathu, olingisa indawo kaThandaza emdlalweni oyintandokazi ku-SABC, iMuvhango, uhlele abalandeli bakhe idili.

Leli dili ubelenzele abalandeli bakhe beminyaka kanti bebezikhiphele ehhotela lomntakabani iDestiny Exclusive Hotel eKempton Park.

USindi utshele abephephabhuku iDRUM ukuthi abalandeli bakhe yibona abenze wadlondlobala kangaka emsebenzini wakhe yingakho ebamemile ukuze azobabonga ngokwakhe.

“Kudala benami kule minyaka engu-20 futhi ngifuna ukubagqugquzela ukuba baqhubeke nokubukela lolu hlelo ngisho ngingasekho,” kusho yena egcizelela ngokuthi ukuhamba kwakhe akukhona ukuphela kwalo mdlalo.

OLUNYE UDABA:Umlingisi ukhala ngokuqhathaniswa nomlingiswa

Yize kunjalo abalandeli bakhe bathi lo mdlalo ngeke ufane ngaphandle kwakhe futhi bazimisele ukumlandela lapho eya khona.

UGladys Masilo, 81, waseTsakane uthe: “Ngibuhlungu kakhulu ukubona uThandaza ehamba. Uma ekhala, nami ngikhala kanye naye, kunjalo noma ehleka, ngihleka naye. Uyisona sizathu esingenza ngibukele iMuvhango.

“Ngimthanda kakhulu uThandaza futhi angikakholwa ukuthi uyashiya kulo mdlalo. UMuvhango uzoba yini ngaphandle kwakhe? Ngimfisela konke okuhle ezinhlelweni zakhe sengathi uNkulunkulu angaba naye,” kusho u-Emily Xilongo, 65, waseBoksburg.

UNancy Matlejoane, 65, waseBuccleuch yena uthe: “Ngithokoze kakhulu ukuthola isimemo saleli dili likaSindi, kuhle kakhulu. Ungumuntu onesizotha futhi omesabayo uNkulunkulu. Ngimufisela okuhle kodwa ngamaphupho akhe yize ngizomkhumbula kuMuvhango. Ngizohlezi ngingumlandeli wakhe noma ngabe uyakuphi."

Le ntokazi ithe izobazisa abalandeli bayo ukuthi iya kuphi futhi yaqinisekisa ukuthi ayithathi umhlalaphansi.

Thandaza's Farewell Party celebration with my brother that I have known for 15 years @dingaan1

A post shared by Sindiswa (@sindi_dlathu) on

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-27°C Numerous showers. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 14-22°C Heavy rain. More sun than clouds. Mild. Bloem: 10-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-22°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...