BUKA: Ongakulindela ohlelweni olusha losaziwayo lukaKhanyi Mbau kuSABC

2017-07-11 15:59

Johannesburg – U-SABC3 usuzosakaza uhlelo lukamabonakude olusha oluzobe lukha phezulu ngezindaba ezithinta osaziwayo. Lolu hlelo olubizwa ngeThe Scoop luzosakazwa kusukela ngoLwesithathu mhlaka-12 Julayi 2017 ngo-21:00.

Lolu hlelo luzokwethulwa ngusaziwayo wakuleli ongumethuli wezinhlelo emsakazweni kanye nakumabonakude aphinde abe ngumlingisi, uKhanyi Mbau, kanti luzobe luphethe imigosi eshisayo yosaziwayo kanye nezinye izindaba zakamuva kwezemfashini, umculo, amafilimu kanye nosaziwayo.

OLUNYE UDABA: IZITHOMBE: Bekugcwele osaziwayo, uwubukhazikhazi owokuzalwa kukaBonang Matheba

IThe Scoop izokuthatha ikubeke ngokuthi yibaphi osaziwayo abangahoshelani, ubani onokuningi kanye namafilimu akamuva akuphuthile.

Kulolu hlelo ababukeli bazophinde bathole ithuba lokuzwa amazwibela okuthi kwenzakalani ekusithekeni lapho kusuke kunemicimbi khona ewubukhazikhazi yosaziwayo.

Aluzokugcina nje ngokuveza osaziwayo bakuleli kuphela njengoba kuzophinde kuvele nabakwamanye amazwe.

Zibonele amazwibela ongakulindela kulolu hlelo ngezansi: 

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-15°C Scattered showers. Clearing skies. Cool. Pta: 13-31°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 14-26°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-27°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 13-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...