Buka: Kuvuke umunyu uKelly Khumalo ehlabelela enkonzweni ka-Akhumzi

2018-05-05 10:59

Johannesburg - Omunye wabangani baka-Akhumzi Jezile, uKelly Khumalo uziqinisile ngesikhathi ecula enkonzweni yom,ngcwabo, evalelisa kumngani wakhe eRhema Bible Church namuhla(ngoMgqibelo) ekuseni.

Amakhulu abangani, umndeni nabalandeli babuthelane esontweni ukuyovalelisa kulesi sihlabani esasingumethuli lohlelo iYoTv.

UKelly obesondelene no-Akhumzi uhlabelele esiteji wakhalisa abantu, ecula iculo Kulungile Baba.

OLUNYE UDABA:Buka: Isiqalile inkonzo yomngcwabo ka-Akhumzi Jezile

Uthe akazange aze akulungiselele ukucula kule nkonzo ngoba lokho bekuzobe kuwukwamukela ukushiywa wumngani wakhe.

"Angiboni ukuthi ngisesimeni sokwamukela."

UKelly uye wakhihla isililo eseqeda ukucula kwaphoqeleka ukuba ehle esiteji.

Ngemuva kwalokho kugibele esiteji ozakwabo baka-Akhumzi okubalwa kubo uSjula Mkhize‚ uLootLove‚ uLerato Kganyago noWarras beyokhuluma ngomngani wabo.

USjula akakwazanga nokuqeda inkulumo yakhe, echaza umngani wakhe ethi ubesewumndeni njengoba evele wafikelwa wumunyu.

U-Akhumzi uzobekwa emathuneni aseWestpark khona namuhla.

 - TWITTER:

 - SowetanLive

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Partly cloudy. Cool. PE: 10-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...