BUKA: Kushaqeke ababukeli umethuli wohlelo equleka esteji

2017-11-01 19:32

New York - Izungeza ezinkundleni zokuxhumana i-video etshengisa umethuli wohlelo lukamabonakude equleka esathula lolu hlelo.

Intokazi yaseMelika engumethuli wohlelo lwezingxoxo uWendy Williams, imangaze ababukeli bayo ngesikhathi iquleka iphakathi nokwethula lolu hlelo.

UWilliams ubethula uhlelo olukhethekile lokugubha iHalloween ngesikhathi kucisha izibani kuyena kungalindele muntu.

OLUNYE UDABA:Kumiswe ezamalobolo ngenxa yokugula kukamama kaMshoza

Esechaza ngokwenzekile ngemuva kukophaphama, uthi uqulekiswe wukuzwela ukushisa ngenxa yento abeyigqokile.

Le ntokazi ibigqokise okwesichuse esidumile eMelika, i-Statue of Liberty.

Buka nansi i-video ngezansi:


- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-27°C Numerous showers. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 14-22°C Heavy rain. More sun than clouds. Mild. Bloem: 10-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-22°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...