BUKA: Kuphele ubu-glama kosisi iGcokama Elisha lishaya ingoma eYadini

2017-09-10 13:33

Durban - UMthandeni Manqele ongomunye wabaculi bakaMaskandi abasebasha kodwa kuningi asekuzuzile nasekushintshile kule mboni.

Le ndawo eseMlazi ithandwa kakhulu ngabantu abavakashele eThekwini kanti yaziwa ngokuthatha abantu abafikele khona izithombe ezinhle.

Lifika iGcokama Elisha, abantu bahluleke nokuzibamba bebonisa intokozo ngokuba khona kwalo.

Ngaphandle kokusebenzisana noDJ Boonu beshaya ingoma esanda kuphuma ye-house ethi wuswidi wodwa, lo mculi uhlanyise abantu evakashele eYadini.

OLUNYE UDABA:IGcokama Elisha umculi wokuqala kaMaskandi ukukhangisela iCutty

IGcokama Elisha, lifike lashaya le ngoma entsha ehambisana naye, uBoona, bajabula abantu abathanda umculo we-house.

Uthe eseshaya uMaskandi, buvele bahlala eceleni ubu-glama kosisi abebevakashele endaweni yobumnandi eYadini ngoMgqibelo njengoba bekunandisa iGcokama Elisha.

Yize uMthandeni Manqele ubegqoke egconsa njengokujwayelekile, ushaye ingoma ehamba namagidangoma akhe kwashukuma inkundla, ubungafunga ukuthi kusemcimbini kaMaskandi.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-16°C More sun than clouds. Cool. Pta: 13-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 13-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-29°C Afternoon clouds. Warm. PE: 14-18°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...