BUKA: Kuchazeke abaningi uRihanna eshaya iGwara Gwara

2018-01-29 18:00

Durban - Abantu baseNingizimu Afrika basazwakalisa ukuchazeka namanje ezinkundleni zokuxhumana kulandela ukubonakala komculi waphesheya kwezilwandle uRihanna eshaya umdanso odume kakhulu e-Afrika, ikakhulukazi kuleli, owaziwa ngokuthi yiGwara Gwara.

Lo mculi ubenandisa kuma-60th Annual Grammy Awards.

URihanna ubecula ingoma edumile ethi Wild Thoughts ahambisana kuyo noDJ Khaled noBryson Tiller, ngesikhathi emangaza ababukeli eseshaya lo mdanso.

Lo mdanso waduma kuleli ngemuva kokubonakala udanswa nguDJ Bongz, ozinze eThekwini.

Abantu abaningi bababele ezinkundleni zokuxhumana bezama ukuchaza ukuthi lo mdanso obushaywa nguRihanna empeleni ungowakuleli kanti abanye bebezwakalisa ukuchazeka.

UBongz ube esebabela kuTwitter wabonga uRihanna noDJ Khaled ngodansa umdanso wakhe.

TWITTER:

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-26°C Sunny. Mild. Pta: 18-24°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Jhb: 15-21°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 17-28°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 22-28°C Rain early. Decreasing cloudiness. Warm. PE: 19-26°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...