BUKA: Kubhede uhlelo u-AKA eziphonsa kubalandeli bakhe

2018-01-08 18:00

eGoli -  Utakulwe onogada abebesemcimbini umrepha wakuleli ngesikhathi esacazeka phansi abalandeli bakhe benza obekungalindelekile.

Ezinkundleni zokuxhumana, sekusabalele le video etshengisa lo mculi eziphonsa kubalandeli bakhe ngethemba lokuthi bazonqakisana ngaye bese bembuyisela esiteji, kepha kwenzeka okuhlukile.

Abalandeli bakhe bavele bambamba kwakanye, bambeka phansi base beyambozela.

OLUNYE UDABA:ISITHOMBE: Kudala ayefuna ukuba kulo mkhakha uBabes Wodumo

Lo mrepha oyintandokazi kwabaningi, ubeshaya ingoma edansa esiteji, zimemeza izihlwele kubonakala ukuthi abantu bajabule bahluleka nokuzibamba.

Lokhu yikona okumenze waqonda ngqo kubalandeli bakhe, waziphonsa, ngethemba lokuthi uzotatanyiswa njengoba kuhlale kwenzeka kwabanya abaculi kweminye imicimbi.

Nokho izinto azihambanga ngokohlelo kwaze kwangenelela onogada ukulamulela lo mculi obesephansi engungwe ngabalandeli.

Nakhu okwenzekile:


- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 14-24°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 11-22°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 6-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-24°C Decreasing cloudiness. Mild. PE: 12-22°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...