BUKA: Itshe lethuna likaDumi Masilela lika-R160 000

2017-08-15 16:00

Johannesburg- Inani letshe lethuna lomlingisi osanda kusishiya emhlabeni, uDumi Masilela, selihlukanise abantu phakathi ezinkundleni zokuxhumana, abanye belibabaza kanti abanye bethi limfanele.

Itshe lethuna lalo mlingisi obedlala emdlalweni kamabonakude iRhythm City futhi ewumculi, lishiye lihlukanise abantu phakathi bebuza ukuthi lilifanele yini inani lalo.

Leli tshe lethuna kubikwa ukuthi libiza imali engu-R160 000.

Isikhulu esiphezulu seBataung Memorials, uLebohang Khitsane, uthe leli tshe liveza lokhu uDumi abeyikho.

"Besifuna ukukhipha into uDumi abeyiyo emndenini, kubangani nakubalandeli bakhe. Ngakho leli tshe ligqugquzelwe indlela abenamakhono ngayo. Ubengumlingisi, umculi nomdlali webhola lezinyawo, ngaphezu kwalokho ubengumyeni, yindodana, nomfowethu," esho etshela iTimesLive.

Kube sekuvela i-video etshengisa umfelokazi, uSimphiwe Ngema, ejikisa itshe lethuna lomyeni wakhe ngemuva komngcwabo.

- IVIDEO:


Lo mlingisi udlule emhlabeni kulandela isigameko sokudunwa imoto esibhuntshile ngoLwesithathu olwedlule eTembisa.

UMasilela wachitha ubusuku obubodwa esibhedlela ngaphambi kokushona ezintatha ngoLwesine.

 - TWITTER:

- The Citizen

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-19°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-34°C Sunny. Hot. PE: 16-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...