BUKA: Isisabalele ezinkundleni i-video kaCassper edansa noBabes Wodumo

2017-03-15 09:32

Cape Town – Ibukwa ngapha ngangapha ezinkundleni zokuxhumana i-video yomrepha wakuleli, uCassper Nyovest, nalapho ebonakala khona eshona phansi, evumbuka, ngesikhathi edansa nentokazi yakuleli engumculi kanye nomdansi ongaconsi phansi, uBabes Wodumo.

Lo mrepha ukujwayele ukugila izimanga esiteji njengoba waqala ukuqapheleka uma enandisa ingoma yakhe eyayishisa izikhotha ngonyaka ka-2014, iDoc Shebeleza. Manje i-video yakhe edansa noBabes Wodumo ibukwa ngapha ngangapha ezinkundleni zokuxhumana njengoba kunamakhulu ngamakhulu abantu ababelana (shares) ngayo kuTwitter.

OLUNYE UDABA: ISITHOMBE: UBabes Wodumo 'uvuke' ngonyanyavu lwemoto

Kule video, uCassper, nosethe ukwehla emzimbeni, ubonakala engazibekile neze phansi, edansa aze ashone phansi, aphinde avumbuke ngesikhathi ibelesele ingoma eshaya ngesigqi esaziwa nge-gqom. Ngaleso sikhathi uBabes ubeseduzane kwakhe ekhombisa ukumthakasela ngokudansa naye.

Zibonele le-video esisabalele ezinkundleni zokuxhumana lapha: 

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-23°C Sunny. Mild. Pta: 12-22°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 8-19°C Afternoon clouds. Mild. Bloem: 4-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-21°C Decreasing cloudiness. Cool. PE: 15-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...