BUKA: Indoda enemali ikwenzela yonke into kodwa uyakukhokhela: Khanyi Mbau

2017-06-02 17:59

Cape Town – Usaziwayo wakuleli ophinde abe ngumethuli wezinhlelo emsakazweni kanye nakumabonakude, uKhanyi Mbau, unabe kabanzi ngempilo yakhe kanjalo nokukhula kwakhe kusukela esasebenza esitolo sikababa wakhe kuze kuba uba ngusasiwayo odume izwe lonke.

Lo saziwayo ubenengxoxo no-Anele Mdoda ehlelweni lukamabonakude, iReal Talk, nalapho exoxe khona ngokukhula kwakhe kanjalo nokuthi yini le eyamdumisa kangaka. Phela uKhanyi wathola umsebenzi wakhe omkhulu wokuqala nalapho ayedlala khona indawo kaDoobsie kuMuvhango eseneminyaka engu-19 ubudala.

OLUNYE UDABA: BUKA: Abukwa ubuthaphuthaphu ama-video ngoBabes noMampintsha

UKhanyi uphinde wakhuluma nangomshado wakhe noMandla Mthembu wabe esethi: “Sasingenakho ukuxoxa, kwakumayelana nemali, imali, imali…”

“Indoda enemali izokutholela yonke into kodwa uzokukhokhela,” kuqhuba uKhanyi engeza ngokuthi yize noma umuntu onemali esithengela isinqandamathe sakhe kodwa umuntu ohlale enzelwa lezo zinto uhlale encike kuyena ngaso sonke isikhathi ngezinye izindlela.

Zibonele le ngxoxo kaKhanyi no-Anele kuReal Talk:

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Uyashiya kwi-RGB umsakazi

2017-07-25 16:00
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-14°C More sun than clouds. Cool. Pta: 6-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-19°C Sunny. Mild. Bloem: -2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-19°C Showers late. Partly cloudy. Cool. PE: 10-16°C Partly cloudy. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...