BUKA: Imiyalezo kaWhatsApp uSkolopad ethenjiswa lukhulu uma enikezela ngocansi

2017-07-05 14:01

Cape Town – Umphathi wentokazi engumculi eyazakhela udumo ngokugqoka ingubo ephuzi eyayiveza umzimba emcimbini wokuklomelisa ngezindondo abaculi abavelele, ama-Metro FM Music Awards, uSkolopad, useveze ukuthi lo mculi usethenjiswe izinhlobo eziningi “zenkokhelo” uma ngabe enikezela ngocansi.

Umphathi kaSkolopad, uTebogo Mofokeng, uyiqinisekisile le mibiko wathi: “Yebo, uSkolopad usethenjiswe izindlela eziningi ‘zokukhokhelwa’ – ukuze aqhubezele phambili umsebenzi wakhe – uma yena enikezela ngocansi. Lezi ziphakamiso aziqhamuki nje kubaphathi bezinkampani eziqophayo, kodwa kubantu abanemali eningi.”

“Amadoda acela ukwenzelwa lo musa awahlale ethembisa imali kodwa athembisa ukumchushisa ukuze agcine ephumelele,” usho kanje ekhuluma neThe Juice.

“Angiyena umphathi wabaqwayizi,” kwengeza umphathi kaSkolopad.

OLUNEY UDABA: BUKA: USkolopad nengubo ehlukile, uthi akasayingeni eyokuveza i- tattoo

Engxoxweni kaWhatsApp phakathi kukaMofokeng kanye nenye indoda, le ndoda icela “izithombe ezishisayo” ukuze “iqhubezele phambili” lo mculi yaphinde yathembisa “ukumbeka ngale kweNingizimu Afrika”.

Le ndoda iphinde icele “nokuthokoziswa ngasese”.

UTebogo uthola le miyalezo nje ngenxa yokuthi imininingwane yakhe ifakwe ezinkundleni zokuxhumana zikaSkolopad. “Mhlawumbe la madoda acabanga ukuthi ngoba ngiyindoda, ngizoyivuma imibandela yawo.

"Kodwa ngishaqeke kakhulu ngokuthi lolu hlobo lokuziphatha seluyinto ejwayelekile. Kuyashaqisa ukuthi abesifazane babonakale njengezinto zocansi, futhi bayazingelwa,” usho kanje.

Uphinde waveza nokuthi kukhona abesilisa abathembisa ukunakekela uSkolopad uma ngabe ezobadansela ngasese. Uthi uSkolopad akusiyena umdansi wemikhuba.

Zifundele eminye yale miyalezo kaWhatsApp uSkolopad ethenjiswa lukhulu:

Skolopad

Skolopad

Skoload

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-16°C More sun than clouds. Cool. Pta: 13-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 13-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-29°C Afternoon clouds. Warm. PE: 14-18°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...