BUKA: IDistruction Boys ithi kuzobe kungomunye phezu kumunye kuhlukaniswa unyaka

2017-11-03 18:00

eThekwini - Ithulwe ngokusemthethweni ngoLwesine ebusuku eThekwini eWorkshop i-albhamu entsha yeDistruction Boyz elithi, Gqom Is The Future, okuyiqembu labafana ababili okunguQue no Goldmax.

Leli qembu kudala lijabulisa abantu ngomculo walo onesigqi esimnandi kanti futhi ibibhekwe ngabomvu le-albhamu yalo ekhishwe namuhla (ngoLwesihlanu) kwazise abantu sebebheke izingoma abazobe bejuxuza ngazo ngamaholidi kaDisemba.

Leli qembu lithi lisebenze kanzima ukuqinisekisa ukuthi le albhamu iyile nto efunwa abantu futhi akukho okungalithokozisa kakhulu ukudlula ukuthengwa kwalo buthaphuthaphu baze bathole igolide.

OLUNYE UDABA: Bamashele oKhozini abaculi bekhala ngendlala

Laba baculi bathi banethemba lokuthi ingoma yabo eshisa izikhotha ethi iMadness, abayicula ngokuhlanganyela noTipcee okungumculi wesifazane omusha wase-Afrotainment iyona ezohlukanisa unyaka.

“Sibonga abantu abaphume ngobuningi ukuzoba kanye nathi, ngoba kuzoqopheka umlando siyakholelwe ekutheni le albhamu yethu izodayisa ubuthaphuthaphu kusasa," kusho bona.

Leli qembu libonge uDJ Tira ngoba nguye obakhuthazayo futhi uyena obalekelelile bedidiyela le albhamu.

"Ngeke asale ngaphandle uDJ Tira ngoba nguye osisize kakhulu ukuze kuphume i-albhamu, uyena okwazile ukusisiza kakhulu. uTipcee uyenze yaba mnandi le ngoma ethi Madness. Sicela abantu baphume ngobuningi babo bazitholele i-albhamu njengoba isikhona ezitolo,” kusho leli qembu

Leli qembu kade laliwa livuka lifuna ithuba lokungena kwezomculo.

Kulo mcimbi wokwethulwa kwe-albhamu ye-Distruction Boys bekukhona uDJ Boonu kanye neGcokoma abanengoma eshisa izikhotha kulezi zinsuku ethi Uswidi wodwa lo, uDJ Sox noMshunqisi wodumo lwengoma ethi Memeza bezokweseka leli qembu.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-27°C Sunny. Warm. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...