BUKA: Icasule abaningi inkulumo kaMfundi Vundla ehlambalaza abalingisi

2018-01-15 19:38

eGoli - UMfundi Vundla ongumhlelo omkhulu wohlelo lwakumabona kude usegxekwe kabi ngokuhlambalaza abalingisi abalaxaza uhlelo lwakhe.

Lo Mhleli ubegxeka abalingisi abangu-16 ethi baba nobulima ngokushisha uhlelo lwakhe ngoba befuna amaholo angcono nokululwa kwezinkontileka zabo nokunye.

UVundla ubekhuluma emsakazweni i-702 ngeSonto ekuseni enengxoxo noPhemelo Motene naye oke walingisa kulolu hlelo iGenerations ngaphambi kwezingxushungxushu zesiteleka.

UVundla uthathwe njengomuntu othwele ilunda ngendlela abekhuluma ngayo ngesikhathi ebuzwa ngomlando walolu hlelo nemisebenzi yakhe, kubika iSowetanLive.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 15-24°C Broken clouds. Mild.
Jhb: 14-23°C Afternoon clouds. Mild. Bloem: 15-28°C Morning clouds. Warm.
Dbn: 21-32°C Sunny. Warm. PE: 19-25°C Showers late. Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...