BUKA: Amazwibela efilimu engempilo ka-Oscar Pistorius

2017-10-02 19:29

Cape Town – Inkampani ekhiqiza izinhlelo zikamabonakude iLifetime isivubele ifilimu engempilo yomsubathi wakuleli ogijima ngamaxhumela, u-Oscar Pistorius, kanye nokubulawa kwentombi yakhe uReeva Steenkamp.

I-Entertainment Weekly isikhiphe isiqeshana sale filimu esihloko sithi Oscar Pistorius: Blade Runner Killer.

U-Andreas Damm udlala indawo kaPistorius kuthi uToni Garrn alingise ekaSteenkamp. 

Le filimu ixoxa ngesigameko esadonsa amehlo omhlaba lapho uPistorius adubula abulala khona uSteenkamp ngeValentine's Day.

Imindeni kaPistorius noSteenkamp izwakalise ukungenami ngale filimu njengoba ithi ibingazi lutho ngayo.

Le filimu izophuma eMelika ngomhlaka-1 Novemba kanti akucaci ukuthi izophuma yini noma cha emabhayiskhobho aseMzansi.

Buka nanka amazwibela ale filimu:


- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 20-28°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-20°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...