BUKA: Amaculo kaLundi Tyamara esingasoze sawakhohlwa

2017-02-02 14:32

Soweto - Abalandeli bagcwale phama esontweni iGrace Bible Church eliseSoweto ngoLwesibili behambele inkonzo yesikhumbuzo yesihlabani somculo weGospel uLundi Tyamara.

ULundi, 38, ugule isikhathi eside ephethwe yi-TB yesisu nenkinga yesibindi wagcina ngokushonela esibhedlela ngoLwesihlanu ekuseni.

ULundi wangena emculweni ngokuthi acule nenkakha yomculo wokholo uRebecca Malope eminyakeni yama-90's ngaphambi kokuzikhiphela awakhe ama-albhamu ngaphansi kwesitebele iZuzmuzi Music kaTshepo Nzimande, ongumsunguli waso.

Lesi sihlabani sizophumela ehholo lomphakathi eZwelethemba eWorcester, eWestern Cape, ngeSonto ekuseni.

Nanka amaculo amahlanu alesi sihlabani ayethandwa kakhulu kuleli:

Ithemba lami likuwe

Mphefumulo wami

Nginga hlanzwa

Ngithembu Jesu

Akuvumi

 - eNCA

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Mostly sunny. Mild. Pta: 11-24°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 9-20°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-23°C Morning clouds. Mild.
Dbn: 17-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-27°C Morning clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...