BUKA: Abantu babaza iphimbo likaSkopolad elimnandi

2018-03-12 19:30

eThekwini - Usaziwayo wakuleli owaduma ngokugqoka kancane kanye nokudanca uSkolopad umanganze abaningi ngesikhathi ecula iculo lokholo.

Abaningi bebengazi nokwazi ukuthi le ntokazi iyakwazi ukucula njengoba yayivame ukuzwakala icula umculo wekwaito ishaya nemidanso yakhona.

Iphimbo lakhe elimnandi limangaze ngisho nalabo abangamthandi ngoba bekungekho okubi abangakugxeka ngokucula kwakhe.

OLUNYE UDABA: Kuthuke abaningi umsunguli weJoyous Celebrations engeniswa esibhedlela

Abantu abaningi benze isiphakamiso sokuba le ntokazi ayigxile emculweni wowokholo iliyeke legama likaSkolopad nokungagqoki isebenzise igama layo langempela uNonhlanhla.

Okumangalisayo wukuthi naye lo mculi uzithandile iziphakamiso ezenziwe ngabalandeli bakhe.


- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-16°C Rain. More clouds than sun. Cool. Pta: 10-25°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-21°C Sunny. Mild. Bloem: 5-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-26°C Sunny. Mild. PE: 13-21°C Scattered tstorms late. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...