BUKA: Abaculi be-Afrotainment 'behleba' ngoMampintsha noBabes Wodumo

2018-01-09 18:03

eThekwini - Kushaqeke abaningi ezinkundleni zokuxhuma ngesikhathi kuputshuka i-video etshengisa abaculi base-Afrotainment behleba ngobudlelwane babaculi be-Big NUZ.

Kule video, umculi uTipcee osanda kujoyina lesi sitebele sikaDJ Tira, nguye ophethe umakhalekhukhwini okuqoshwa ngawo ngesikhathi ebonakala exoxa noDJ Cndo beyongena enkundleni yezemidlalo iMoses Mabhida Stadium.

OLUNYE UDABA:BUKA: Kubhede uhlelo u-AKA eziphonsa kubalandeli bakhe

Yize inkulumo ingazwakali kahle ukuthi iqale kanjani, kodwa kuzwakala uTipcee ebuza ukuthi kungani zingaxazululwa izinkinga zalaba baculi nokuthi uDanger (ongumculi weBig NUZ) yena uthini, kube sekuzwakala uCndo ethi uDanger ubheda kakhulu futhi sebeqedile ngaye.

"Weeeeh u-devil wokugcina-ke lowo" kusho uCndo ngesikhathi kuqhubeka le nkulumo okukholakala ukuthi ubebhekise kuMampintsha. 

UMampintsha ubabele kuFacebook wafaka le video wabeka novo lwakhe ngalolu daba. Wathi kuyamangaza ukuthi ujikelwe abantu owake wabasiza ngaphambilini.

UCndo naye ubhale ufake i-video ku-Instagram obekubukeka sengathi uphendula lolu daba, wathi ngeke akuguqule lokhu akushilo.

Buka nansi i-video ngezansi:

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-24°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 11-22°C Morning clouds. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 19-25°C Morning clouds. Mild. PE: 12-22°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...