Besingenhla isikhwele kumama wengane ka-Emtee esaphaza umlandeli

2016-12-05 14:31

Johhanesburg - Uzithole ephakathi kwembokodo nesisekelo umculi we-Hip-hop oyintandokazi kuleli, u-Emtee, ngesikhathi umama wengane yakhe ethathana nabalandeli bakhe enkundleni yezoxhumana, u-WhatsApp.

Intombi ka-Emtee, uKendall Chinsamy, uphoxe kabi umlandeli obezama ukushendela isoka lakhe.

U-Aluta Continua Vengwa, ongumfundi enyuvesi yaseGoli, uthole abengakulindele ngesikhathi uKendall emthumela imilayezo kule nkundla.

UVengwa uthi lokhu kwenzeke ngemuva kokuthi lo mrepha athatha izinombolo zakhe emcimbini obuhlelwe uDJ Oskido, eMidrand kulo nyaka.

OLUNYE UDABA:'Akakholwanga u-Emtee edatshulwa wuRiky Rick ngempama'

“U-Emtee wathatha isithombe nami nodadewethu ngemuva kwalokho wacela izinombolo zami, nami ngamnika ngokukhulu ukujabula ngoba ngingumlandeli wakhe omthandayo.”

Le ntokazi ithi lo mculi akakaze amfonele njengokwezithembiso zakhe, kodwa wabona esethola imilayezo evela ezinombolweni eqala ngo-074.

Uthi wabona sekuhambe isikhathi ukuthi le milayezo iphuma entombini yalo mrepha.

Ayitholakalanga ukuphawula intombi ka-Emtee ngesikhathi abeSunday World bezama ukuxhumana naye.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C High level clouds. Mild. Pta: 15-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-26°C Sunny. Mild. PE: 16-24°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...