Bengingazi ukuthi kunesidakamizwa esibizwa ngeMercedes nesibizwa ngeMusic: Babes Wodumo

2016-10-24 19:31

Johannebsurg - Umculi, uBabes Wodumo, usephinde wazichitha izinsolo zeculo lakhe iMercedes, egcizelela ngokuthi alikho mayelana nezidakamizwa.

ITshisaLive ngaphambilini ibike ukuthi iSABC ayifuni ukudlala leli culo lakhe ngemuva kwezinsolo zokuthi likhuthaza izidakamizwa.

OLUNYE UDABA:Ngeke lizwakale oKhozini iculo likaBabes Wodumo

Abakwa-SABC bakuphikile lokho bathi, alikho iculo elingadlalwa emsakazweni.

"Onke amaculo ayacutshungulwa kanti zonke iziteshi ziyazikhethela ukuthi zizodala maphi. Kunezi zathu eziningi ezingenza ukuba iculo lingadlalwa. Angazi noma leli culo likhahleliwe yini njengoba kuwudaba leziteshi," kusho owe-SABC uKaizer Kganyago.

UBabes ogamalakhe lokuzalwa nguBongekile Simelane, uziphendulele wathi iculo limayelana nemoto hhayi izidakamizwa.

"Ngikhuluma ngemoto engifuna ukuyithengela ubaba. Bengingazi ukuthi kunezdakamizwa ezibizwa ngeMercedes nesibizwa ngeMusic."

Ubabes echaza kwivideo uthi ukhuluma ngaye eculweni. Uthi uma ekhuluma ngeMercedes ukhuluma ngemoto afisa ukuyithengela ubaba wakhe kanti uma ethi Music ukhuluma ngomculo.

IVIDEO:

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-17°C Sunny. Mild. Pta: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 6-24°C Sunny. Mild. Bloem: 3-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 13-21°C Mostly sunny. Cool. PE: 11-19°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...