Bekusindwe ngobethole kugcagcelwa u-DJ Tira

2016-10-23 09:37

Durban -  Injabulu ibibhalwe ebusweni babashadikazi ngesikhathi uDJ Tira enza ubulungiswa bokungenisa umalokazana ngokosiko ngoMgqibelo.

Bekuhlanganyelwe kwaHlabisa kuba kaMthokozisi Khathi emcimbini ubukade uhlelwa ngasese izinyanga ezimbalwa.

Injabulo ibibhalwe ebusweni bukaMthokozisi odume kakhulu ngelikaDJ Tira engenisa umalokazane ekhaya ngoMgqibelo.

OLUNYE UDABA:Usezoshada okwangempela uTira

Emasontweni ambalwa adlule sasike sabika ukuthi uhlelwa isinyenyela umshado wesintu okulindeleke ukuba ube yindumezulu phakathi kukaDJ Tira nenkosikazi yakhe uGugu.

Yize imininingwane ebalulekile bayigcina iyimfihlo, kodwa nakhu sekuzekwenzeka.

Sekulindeleke ukuba baqedele ngomshado oMhlophe njengoba sazi ukuthi izimemo sezaphuma yize ingaqinisekiswanga indawo lapho kuzoshadelwa khona.

Lokhu bakwenze ngenhloso yokuthi abafuni kwazi abantu abaningi ngalo mcimbi.

God is Good

A photo posted by djtira (@djtira) on

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Sunny. Mild. PE: 11-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...