Bazobusiswa ngengane yesithathu abasebukhosini baseBrithani

2017-09-04 13:21

Cape Town - INkosana yaseBrithani, uWilliam, kanye nomkayo uKate bazobusiswa ngengane yesithathu, ngokusho kwesitatimende esikhishwe endlunkulu.

IKensington Palace imemezele lezi zindaba ezinhle ngoMsombuluko ngokukhipha isitatimende.

"IDuke neDuchess of Cambridge bajabule kakhulu ngokuthi iDuchess of Cambridge ikhulelwe ingane yesithathu," kusho isimemezelo.

"Indlovukazi kanye namalungu emindeni yomibili ajabule kakhulu ukuzwa lezi zindaba."

UWilliam noKate, bobabili abaneminyaka engu-35 ubudala, bavele banezingane ezimbili iNkosana uGeorge, 4, kanye neNkosazane uCharlotte, 2.


- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-16°C Rain. More clouds than sun. Cool. Pta: 10-25°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-21°C Sunny. Mild. Bloem: 5-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-26°C Sunny. Mild. PE: 13-21°C Scattered tstorms late. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...