"Bayizintombi zami bobabilii"

2016-10-16 10:33

Johannesburg - Owayegijima neKaizer Chiefs neChippa United uSimphiwe Mtsweni, 22, usolwa ngokuthandana namantombazane amabili ngesikhathi esisodwa.

Lo mdlali kuthiwa uthandana noThobile Ntshingila waseThekwini kanye noBoitumelo Diale waseMpumalanga.

OLUNYE UDABA: Owebhola kuthiwa akazondli izingane zakhe ezingu-8

Imithombo esondelene nodaba itshele iSunday Sun ukuthi uThobile akazi ukuthi akayedwa kuSimphiwe.

Kodwa lesi sihlabani sithi sibathanda bobabili.

Umthombo uthe: "Kubuhlungu ukuthi adlale ngezingane zabantu sengathi ibhola lezinyawo. Ngiyamuzwela uThobile ngoba ucabanga ukuthi uyena yedwa okhona empilweni kaSimphiwe."

Eminye imithombo ithe: "Wacishe washona engozini yomgwaqo ngesikhathi imoto igqamuka ilangabi ngesikhathi evakashele uThobile.

"Ngicabanga ukuthi kuwuphawu lokuthi kufanele ayeke ukudlala athandane noyedwa wabo," kusho lo mthombo utshela leli phephandaba.

UBoitumelo uthe: "Anginaso isikhathi salento. Ngizobhekana noSimphiwe. Nguye ohlezi engiqambela amanga.

"USimphiwe wangitshela ukuthi usahlukana noThobile, sekuyimi kuphela okhona empilweni yakhe. ngiyazi abantu besifazane bangcole mkanjani.

"Kufanele avele athole umsebenzi ukuze uzomenza ahlale ematasa. Uma ecabanga ukuthi uzophila ingunaphakade noSimphiwe, akakhohlwe.

"Lo yamfana akasile futhi akamsebenzi walutho," usho njalo.

USimphiwe uthe: "Ngithandana nabo bobabili futhi bayazana. Bobabili bayizintombi zami."

UThobile akatholakalanga ephawula.

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- Sunday Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-16°C More sun than clouds. Cool. Pta: 13-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 13-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-29°C Afternoon clouds. Warm. PE: 14-18°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...