Bayaqhubeka ‘nokungahoshelani’ uFikile Mbalula noRobert Marawa

2017-03-15 16:00

Cape Town – Kulokhu kuqhuke njalo ukungaboni ngasolinye phakathi kukaNgqongqoshe wezemiDlalo kuleli, uFikile Mbalula, kanye nomethuli wezinhlelo zezemiDlalo, uRobert Marawa, nokuyinto esiyenzeke ezinkundleni eziningi okubalwa nakuTwitter.

Ukungahoshelani kwalaba kubukeka sengathi kwaqala ngoNovemba wangonyaka ka-2016 ngesikhathi uMarawa emema uMbalula ohlelweni lwakhe lwezingxoxo kuMetro FM nalapho kwakuzoxoxwa ngokuquko kwezemidlalo. UMbalula akafikanga ohlelweni.

UMarawa wabe eseqhubeka nokukhuluma ngoMbalula ngendlela engehlanga kahle kuNgqongqoshe. UMbalula wabe esebhalela iMetro FM incwadi ngalokho okwashiwo uMarawa.

OLUNYE UDABA: UMbalula uthathane nomsakazi wezemidlalo ezinkundleni zokuxhumana

NgoFebhuwari, laba bobabili baphinde bathathana futhi kuTwitter ngesikhathi kumenyezelwa ukuthi iTheku lingase lilahlekelwe yimidlalo yama-Commonwealth.

Kule mpi kwaba nokujikijelana ngamazwi phakathi kwalaba bobabili okubalwa nombhalo owaqondiswa yilo methuli wezemidlalo kuNgqongqoshe nalapho athi “Anginakho ukukhononda. Nginombono ohlukile. Ohlukile kunawe uzama ukungixoshisa kuMetro FM, lokho ukukhononda…”

Lokhu kwalandelwa ukuthi uMarawa avale (block) uMbalula ekhasini lakhe likaTwitter.

Kodwa-ke ngesikhathi ekhuluma neThe Juice, uMbalula uziphendulele ngokuthi kujwayelekile ukuthi angaphumeleli lapho esuke emenywe khona, wathi futhi akananxa noMarawa.

Mayelana nemidlalo yama-Commonwealth uMbalula uthi uMarawa waphikisana nabo, wathi kodwa ayikho inkinga ngalokho ngoba abasiwona amawele noMarawa.

Ube esesola uMarawa ngokuthi wahlela abantu ukuthi bamhlasele esigabeni sohlelo lwakhe, esaziwa ngeRoom Dividers, nokuyinto uMbalula athi yamenza wabhalela iMetro FM.

Uqhube wathi yena uhlale emvikela uMarawa, wathi futhi akakaze akhulume eyokuthi akaxoshwe emsakazweni.

“Uyena owavala mina (kuTwitter). Angizange ngimvale. Kungani angivala?,” kubuza uMbalula egcizelela ngokuthi noma ngabe yinini uMarawa uma ngabe emdinga kuMetro FM uyofika.

Zifundele okunye ukujikijelana ngamazwi osekuke kwabonakala phakathi kwalaba bobabili ngezansi:

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-16°C Sprinkles late. Morning clouds. Cool. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-20°C Sunny. Mild. Bloem: 0-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...