Bayabalwa abasakazi abafana noKhathide Ngobe

2017-04-14 12:37

Durban -  Sekuvamise ukuthi abasakazi abasuke befakwe ukushayela uhlelo ndawonye bengazwani.

Kwesinye isikhathi ukushintshwa kwabasakazi bafakwe ezinhlelweni ezintsha nabanye abantu kuvele kube nzima ukuthi babambe isitayela.

Nabalalile bayashesha ukubona uma kukhona ukungathelelani kahle amanzi kwabasakazi uma besebenza ndawonye noma umsakazi ehluleka ukuhambisana nesitayela sohlelo olusha.

Nokho kunabasakazi abasayibambe njengoba bayibamba besafika emsakazweini futhi babambisene kamnandi nozakwabo abasebenzisana nabo.

Omunye walabo basakazi wuKhathide "Tshathugodo" Ngobe.

UTshatha kanye nozakwabo uSelby "Selbeyonce" Mkhize abagijima nohlelo lwantambama iWoza Nabangani Bakho njalo ngo-3 kuya ku-6 kuKhozi FM bangabasakazi abambalwa abasebenzisana kamnandi kakhulu.

OLUNYE UDABA:Ihlazo obeshade nomsakazi elotsholwa “yishende”

UNGobe udalulele iMaisha imfihlo eyenza balushayele kamnandi uhlelo lwabo nozakwabo.

"Into esisizayo ukuthi yize mina noSelby sikhulele ezindaweni ezingafani kodwa sikhuliswe ogogo abasifundise inhlonipho. Lokhu-ke yikona okwenza sihlale siqondana futhi sinemibono ecishe ifane ngoba safundiswa inhlonipho," kusho lo msakazi odabuka kwaNongoma.

Ngesikhathi uTshatha enikezwa lolu hlelo lwantambama, baningi abantu ababengabaza ukuthi uzwakazi ukulubamba ngendlela njengoba waqala ngokusakaza uhlelo lukaMaskandi.

Lomsakazi wamangaza abaningi egila izimanga wazakhela udumo nakubanye abalaleli ababengavamile ukulalela lolu hlelo, kubika UMAFRIKA.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-21°C Sunny. Mild. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-20°C Sunny. Mild. Bloem: 0-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-27°C Sunny. Mild. PE: 11-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...