Basinde kukubi abadidiyeli beculo amaWololo bedunwa imoto kwaMashu

2016-10-09 10:30

Durban -  UQuinton Mgobhozi,21, kanye noZipho Mthembu, 21, abadume ngeleDistruction Boyz, basinde kukubi izinswelaboya zakwaMashu zibahlasela.

Laba badume ngokuba ngabadidiyeli besigqi sengoma eshisa izikhotha, Amawololo, bathi bakhishwa ngezibhamu emotweni yabo, kubika iSOLEZWE.

UQuintion uthe kwakhungathi kuqoshwa ifilimu ngendlela izinto ezenzeka ngayo. "Sabona sesikhonjwe ngezibhamu sesilaliswa phansi, yonke into yayishesha ngendlela eyisimanga."

OLUNYE UDABA:Basobishini abadidiyeli bephepha ngesithombe sikaMugabe

Uthi imoto yabo yohlobo lweChevrolet Spark emhlophe ibiphethe zonke izinsiza zabo zokusebenza njengoba bengoDJ futhi bephrojusa izingoma.

Yize kuthathwe ngisho nabomazisi babo, laba badidiyeli bezingoma babonga ukuphepha kanye nempilo futhi banethemba lokuthi uNkulunkulu uzobabusisa futhi ngenye imoto.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...