Basale bekhexele abebehalalisela uBonang ngokuthenga iRust en Vrede

2018-01-19 19:30

eThekwini - Kushukume izinkundla zokuxhumana ngoLwesihlanu ekuseni abantu behalalisela uBonang Matheba ngokuthenga i-Rust en Vrede.

Le ntokazi engumethuli wezinhlelo ithathele ezinkundleni zokuxhumana ifaka izithombe zayo ekule ndawo ekhiqiza iwayini, yase yabhala ukuthi kudala ifisa ukuba nendawo efana nalena.

Lokhu kuvele kwashukumisa izinkundla zokuxhumana ikakhulukazi ngoba ufake nezithombe ezimbalwa kubonakala sengathi kunamaphepha awasayinayo.

Abantu bavele bathathela ezinkundleni bemhalalisela, bencoma ubuqhawekazi bakhe nokusebenza ngokuzikhandla njengoba eze wafinyelela kuleli zinga.

OLUNYE UDABA:UBonang Matheba uyangikweleta - Kusho iMake-Up Artist

Konke lokhu kuphelele emoyeni ngisikhathi abaseshi nabaphenyi bezindaba zabantu bebuya neqiniso lokuthi le ntokazi kayizange iyithenge lendawo.

Yeka ukujabha kwabaningi njengoba abaphathi bale nkampani beqinisekise ukuthi kuseyinkampani yomndeni futhi uBonang akazange ayithenge kodwa ubezodla isidlo sasemini.

Image may contain: text

Image may contain: text

....I’ve always wanted a vineyard.. ??????????....

A post shared by Bonang Matheba (@bonang_m) on

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 21-28°C Showers early. Partly sunny. Warm.
Jhb: 19-26°C Scattered showers. Partly sunny. Warm. Bloem: 18-30°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Dbn: 22-25°C a mixture of sun and clouds. Mild. PE: 18-24°C Rain early. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...