Bacishe babambana ngezihluthu emcimbini o-DJ Tira noProfessor

2017-02-28 07:31

Durban – Kubikwa ukuthi kubheduke ingxabano phakathi kukaMthokozisi “DJ Tira” Khathi noMkhonzeni “Professor” Langa beqophisana ngamazwi kuqhubeka umcimbi amaMetro FM Awards ngoMgqibelo.

Ngokusho komthombo obukhona kwenzeka konke lokhu, kusize ukuba khona kuka-Arthur Mafokate okunguyena okwazile ukulamula la baculi abebesho ukudlana luhlaza.

“Bathe nje bephuma esteji uTira noDJ Sox, kwaqala ingxabano phakathi kukaProfessor noTira. Bengingezwa kahle ukuthi le ngxabano ibimayelana nani, kepha uProfessor ubedinwe egane unwabu,” kusho umthombo.

Umthombo uthi kusize uMofokate okunguyena oze wangena phakathi kwabo ezama ukulamula.

OLUNYE UDABA: Kudala elangazelela udumo obehamba nqunu kowamaMetro FM

UDJ Tira ethintwa uthe into ebaxabanisile idalwe ukungahleleki kobekuqhubeka esteji.

“UProfessor ucikwe ukuthi akazange alithole ithuba lokuphawula ngesikhathi sithola indondo, kanti nathi asizange siligagule igama lakhe kwebesibabonga ngoba besicabanga ukuthi uzolithola ithuba lokuzikhulumela,” esho.

UDJ Tira uthi uProfessor nguye omnikazi wezinsimbi zeculo abathole indondo ngalo.

Thola udaba oluphelele kuSowetanLive.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-18°C Partly cloudy. Cool. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 13-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-33°C Sunny. Hot. PE: 17-25°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...