Babuyele emsebenzini abalingisi beMuvhango

2016-10-14 16:03

Johannesburg - Kwabikwa ukuthi abalingisi bomdlalo wakumabonakude iMuvhango abazange bahole kulandela ukungavuselelwa kwenkontileka yomdlalo kwa-SABC eyaphela ekupheleni kwa-Agasti.

Ngemuva kokuphela kwenkontileka, kwaphela nemali yokuholela abalingisi okwadala ukuthi bahlale emakhaya, kubika iSunday World.

OLUNYE UDABA: Sebephinde bangaholelwa aboMuvhango

OweMuvhango, uDuma Ndlovu, uholele abalingisi ngemali ayiboleka kuze kube wukuthi u-SABC uvuselela inkontileka yabo ekupheleni kwa-Okthoba.

"Sengibaholele abalingi. Sabathumelela imiqhafazo, sithi mababuyele emsebenzini," usho njalo.

Thola udaba oluphelele ku-Drum

ISITHOMBE:

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-14°C Showers early. Morning clouds. Cool. Pta: 5-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-19°C Sunny. Mild. Bloem: -2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 11-19°C Partly cloudy. Cool. PE: 12-16°C Showers early. More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...