'Babhekene namacala' abaphathi boKhozi FM

2016-10-16 12:33

Johannesburg - Isisulile emsebenzini iNhloko yezenkolo emsakazweni, UKhozi FM, uSabelo Mkhathini kanti kusolwa ukuthi iphenywa ngezinsolo zenkohlakalo.

Imithombo ekulesi siteshi ithi uphenyo lumayelana nokunika umfowabo ongumphathi uBonga Mpanza isikhathi esiningi sokushumayela.

Umfowabo kaBonga, uMthembeni ngumsumguli webandla elisha lamaNazaretha kanti kuthiwa unikwa imizuzu engu-30 yokushumayela emoyeni njalo ngesonto.

OLUNYE UDABA: Wesulile emsebenzini umsakazi wodumo - Umbiko

Bathi uMthembeni unikwa i-airtime ngoba engumfowabo kaBonga.

Ngesikhathi abephephandaba bethinta uSabelo, ukuphikile ukuthi uyaphenywa kodwa waqinisekisa ukuthi wesule emsebenzini emasontweni amathathu edlule.

"Angazi lutho ngokuthu ngiyaphenywa, ngifuna ukuyosebenzela ibandla lami iLutheran Church.Angibandakanwanga eekuqashweni kwesonto elishumayela njalo ngemiGqibelo ekuseni. Isitehsi esenza lokho, mina bengiyisisebenzi nje ebesiqinisekisa ukuthi konke kuhambe kahle," kusho uSabelo.

Omunye umthombo uthe uSabelo wesule emsebenzini ngoba "ubethembeke kakhulu kuBonga" naye okuzungeza amahlebezi athi kuphenywa izinsolo zenkohlakalo ngaye.

"Ubonga wayalela uSabelo ukuba angaliniki elinye ibandal lakwaShembe imali ye-airtime kodwa anikeze ibandla likaMthembeni njengoba beyizilamani.

"Yena nje uVikela uBonga ngoba wonke umuntu uyazi ukuthi uyisicashalala sakhe esiteshini," kusho lo mthombo.

Okhulumela i-SABC uKaizer Kganyago uthe ubengazi ngodaba. "Angazi ukuthi kuqhubekani kuzo zonke izitseshi zomsakazo."

Umphathi wezinhlelo kuKhozi FM, uZandile Tembeuqinisekise ukwesula kukaSabelo emsebenzini. Angazi kungani esulile kanti futhi angikwazi ukuphawula mayelana nophenyo."

UBonga noMthembeni abatholakalanga bephawula.

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- Sunday Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Partly cloudy. Cool. PE: 10-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...