Ayikadalulwa imiklomelo yama-Satma Awards

2016-10-19 16:02

Durban - Yize umphathi wenhlangano okuyiyona ehlela lo mcimbi uZandile Ndzimane ekuqinisekisile ukuthi konke sekuhleliwe ngalo mcimbi ozoba ngempelasonto ezayo.

Akafunanga ukuphumela obala ngokuthi abaculi abazophumelela bazothola imiklomelo enjani.

Ebuzwa ngokuthi lusazoqhubeka na uhlelo lokuhambisa abaculi phesheya, abahleli bathi lokho ngeke bakwazi ukuqinisekisa lokhu okwamanje.

“Ukuhambisa abaculi phesheya kusuke kuyingxenye yomkhankaso obizwa ngeSiyabalanda. Kanti lapha kusuke kushintshana abaculi bamazwe ahlukene.

OLUNYE UDABA:Ubengathi ingane encane uHlaudi ebonga ngoMgqibelo eThekwini

“Uma kuhamba umculi wakuleli eyaphesheya kusuke kunohlelo lokwamukela umculi wakulelo lizwe.”

Lokhu akusho ukuthi bonke abaculi abawinile bazothola ithuba lokuya phesheya. Imiklomelo ayikamenyezelwa okwamanje, konke kuzoqinisekiswa kahle ngaphambi komcimbi omkhulu.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-21°C Morning clouds. Cool. Pta: 18-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 17-29°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 18-27°C a few tstorms. Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-26°C Numerous showers. Breaks of sun late. Mild. PE: 15-19°C Numerous showers. More clouds than sun. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...