Awusekho umshado, uZahara usevuke ngesoka elisha

2017-07-05 18:00

Johannesburg - Ligqabukile igoda phakathi kukaZahara ogamalakhe langempela uBulelwa Mkutukana nesoka elamcela umshado u-Amaza.

Ngokubika kwebhuku iDrum le ntokazi isithole isoka elisha elaziwa ngelikaSihle.

“Siyajabulisana kanti yilokho okubalulekile okwamanje,”kusho yena etshela abe-Drum.

OLUNYE UDABA:Zahara uphika eyokukhulelwa neyomshado

Laba sebenesikhathi bethandana yize bebekufihla lokhu ngoba abantu basacabanga ukuthi uZahara umatasa nokuhlela umshado.

Zazikhona izinsolo zokuthi kukhona okungahambi kahle phakathi kwakhe no-Amaza ngoba ekuqaleni konyaka kwavela ukuthi asamile amalungiselelo omshado kodwa sangatholakala isizathu esiqondile.

Thank You #Mthunzo'Muhle for making me HAPPY! ?? @ian_sihle

A post shared by Bulelwa Mkutukana (@zaharasa) on

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-15°C Heavy rain. Morning clouds. Cool. Pta: 16-33°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-28°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 16-26°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-30°C High level clouds. Warm. PE: 16-21°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...