Asikho semthethweni isithembu somsakazi woKhozi

2015-11-19 10:05

Durban – INkantolo eNkulu yaseThekwini ngoLwesithathu ithe ayikho semthethweni imishado emibili yomsakazi woKhozi FM uNgizwe Brian Mchunu, njengoba ashadelwa engazi unkosikazi wakhe wokuqala nokuyinto engahambisani nomthetho.

IRecognition of Customary Marriages Act – okungumthetho obekelwe amadoda afisa ukuthatha isithembu  - ayivamile ukulandelwa kanti izingqapheli zikholelwa ukuthi isinqumo sangoLwesithathu sizokhanyisa okusemthethweni nalokho okungekho semthethweni.

Umthetho uthi noma ngabe iyiphi indoda efisa ukuthatha omunye unkosikazi kumele ifake isicelo enkantolo ukuze ithole imvume yenkontileka ecacisa ngekusasa lamakhosikazi asesithenjini.

Funda nalolu daba: Ingane eydlwengulwa yathuliswa ukuze bangakhishwa endlini

Odabeni obeluphambi kweNkantolo eNkulu yaseThekiwni ngoLwesithathu, uSiphelele Nxumalo ukhalaze ngokuthi uNgizwe owashada naye ngoMeyi 2012, wathatha unkosikazi wesibili, uLindiwe Khuzwayo, ngonyaka olandelayo (2013),

Ngemuva kwalokho wathola ukuthi usethathe unkosikazi wesithathu ngo-Okthoba ngonyaka odlule, uNqobile Mthimkulu, owamazisa ngokuthi amthumelele umyalezo ngeselula.

Encwadini efungelwe, uNxumalo – owayeminyaka engu-25 ngesikhathi eshada noNgizwe – uthe wayekhulewe ngesikhathi ezwa ukuthi uNgizwe usephinde washadelwa “mina ngingazi futhi ngingavumanga”.

Uthe umyeni wakhe akaze afake isiselo enkantolo futhi wayengeneme ngalokhu kodwa kwakungekho angakwenza ukuvimba umshado ngoba uNgizwe wayezohlambalazeka emphakathini, kubika iThe Mercury.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C Sunny. Mild. Pta: 5-18°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-15°C Sunny. Cool. Bloem: -3-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 13-24°C Sunny. Mild. PE: 12-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...