Asebuyele ‘ekhaya elidala’ ama-SAMA Awards

2017-03-14 12:30

Cape Town – Umcimbi waminyaka yonke wokuklomelisa ngezindondo kubaculi abavelele, ama-South African Music Awards (SAMA) uzobanjelwa eSun City Superbowl ngomhlaka-26 kuMeyi.

Le ndawo ewubukhazikhazi esesifundazweni iNorth West iyona esimenyezelwe ngokusemthethweni ukuthi izosingatha lo mcimbi wama-SAMA Awards wesi-23, njengoba isike yasingatha imicimbi engu-14 kwengu-22 edlule kusukela aqala ukuba khona ngonyaka ka-1994.

OLUNYE UDABA: IQINISO lihleli obala kuputshuka imiphumela yama-Metro FM Awards

“Kuyintokozo enkulu ukubuyela eSun City. Simema abathandi bomculo wasekhaya ukuba bajoyine umkhakha (wezomculo) njengoba uthatha uhambo olubheke eSun City,” kusho oyisikhulu esiphezulu kwa-RiSA, okuyiyona ehlela lo mcimbi.

Kulindeleke ukuthi kube nenqwaba yemicimbi yobumnandi eduze neSun City, njengoba lo mcimbi uvamise ukuheha inqwaba yabathandi bomculo.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngonyaka odlule ama-SAMA Awards ayebanjelwe eDurban ICC njengoba iSun City yayisohlelweni lokwenziwa kabusha olwabiza izigidigidi zamarandi. 

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-14°C Numerous showers. More sun than clouds. Cool. Pta: 7-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 5-22°C Sunny. Mild. Bloem: 3-14°C Mostly sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 14-22°C More sun than clouds. Refreshingly cool. PE: 12-16°C Showers late. Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...