Aqinisekisiwe amahlebezi okuthi 'uSbu' useyasishiya iSibaya

2017-10-17 19:31

Maningi amahlebezi akhomba ukuthi osaziwayo abayizintandokazi bayashiya ezinhlelweni abalingisa kuzona, kodwa uyedwa okuqqinisekisile lokhu.

Emasontweni ambalwa adlule, kwabikwa ukuthi umlingisi wohlelo uZalo uDawn Thandeka King uyalushiya lolu hlelo, kodwa lawa ngamampunge.

Lo mlingisi uthi akayi ndawo.

"Ngiyawezwa amahemuhemu wokuthi ngiyalushiya lolu hlelo, kodwa, ngamapunge, angiyindawo,"kusho yena.

OLUNYE UDABA:Ujoyina uZalo umlingisi wodumo

Yize kunjalo, umlingisi weSibaya uSdumo Mtshali odlala indawo kaSibusiso Ndlovu ongumyeni kaThandeka Zungu uyalushiya lolu hlelo.

Lokhu kuqinisekiswe ngemuva kokuthi ababukeli balo mdlalo babe nemibuzo eminingi ngezigameko zakamuva njengoba uSbu wathola ingozi eshayiswa yitekisi kaNtandane kanti kubonakala sengathi ngeke asinde.

- Channel24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 19-26°C Numerous showers. Cloudy. Warm.
Jhb: 17-22°C Heavy rain. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 16-30°C Sunny. Warm.
Dbn: 23-27°C a few tstorms. More clouds than sun. Warm. PE: 20-22°C a few showers. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...