Angikaze ngibenobaba - Kelly Khumalo

2016-06-27 20:34

Johannesburg - Umculi wakuleli uKelly Khumalo usivulele isifuba ekhuluma ohlelweni olwethulwa nguSizwe Dhlomo kuMTV ngoLwesihlanu udalule ukuthi wakhula engamazi uyise omzalayo.

"Angimazi loyo bhuti," kusho uKelly ngesikhathi ebuzwa ukuthi kungani engakaze akhulume ngobaba wakhe ngaphambilini.

OLUNYE UDABA: UKelly khumalo uvumile ukuthi wayedla izidakamizwa-Umbiko

UKelly uthe kwakhukhona owesilisa ayemazi nakuba ayengamazi ubaba wakhe omzalayo. Lo wesilisa wayedlala indawo kababa, athe wayenobudlelwae angabuqondi ngaphambi kokuba aveze ukuthi umama wakhe wayengakhulumi ngobaba wakhe kodwa wayazi ukuthi lo wesilisa okhona akusiye ubaba wakhe wangempela.

"Sengake ngambuza umama ngalolu daba kodwa asikaze siyithole impendulo ngaphandle kokungaboni ngaso linye.

"Angimazi ubaba ongizalayo, angikaze ngibe nobaba," usho njalo.

UKelly ekhuluma ngomama wakhe udalule ukuthi wayenobudlelwa obungebuhle ngaphambilini kodwa kwabangcono ngokuhamba kweminyaka.

"Yimanje la esengifunde khona ukudlulisa  izinto ngivele ngimthande nje kuphela ngaqonda nokuthi akekho umzali ongafuna ukuhlukumeza umzali wakhe. Siyabasezimeni sifunde ukuphila nazo."

- TMG Entertainment

“Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C More sun than clouds. Cool. Pta: 18-30°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 17-26°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 15-27°C Rain early. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 21-31°C Isolated tstorms. Broken clouds. Warm. PE: 19-25°C Passing showers. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...