Angikaze ngibenenkinga yemali - Owaduma kuGenerations

2017-07-27 18:01

Johannesburg - Umlingisi wodumo kuleli uSonia Mbele uthi akakaze abe nenkinga yemali njengoba kushiwo kulandela ukudivosa nomyeni wakhe weminyaka engu-8.

Lo mlingisi engxoxweni abe nayo nephephabhuku iTrue Love, ukhulume ngombiko ongesilo iqiniso ngaye kanye nabanye abantu besifazane asebeke baba sezicathulweni zakhe.

OLUNYE UDABA: Owaduma kuGenerations notshwala nabangani

"Kunombono othi umuntu wesifazane ulahlekelwa yikho konke ngemuva kwedivosi ngoba usuke eshadele imali. Angikaze ngibe nenkinga yemali ngakho lo mbono awungithinti mina."

UMbele uphinde waphatha eyokusebenza nabalingisi bomdlalo kamabonakude iNumber Number etshengisa kuMzansi Magic (161), njalo ngeSonto, wathi akuve kuyisibusiso.

"Ngiphuma esikoleni esikhethekile samakhono angempela kanti angikaze ngikhathazeke ngokukhuza ibuya kwami nakuba kamuva nje ngibusiswe ngokusebenza nabantu abanekhono elihle okubalwa kubo uZola Nombona, uMoliehi Makobane, uSolomon Sebothoma noSir Ray Sepotokele,” usho njalo eqhuba.

UMbele uphinde abonakale emdlalweni otshengisa ku-SABC2 othi Keeping Score.

 - Drum

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...