‘Angikaze ngibe yisidakwa’ — Roderick Jaftha

2017-12-08 14:01

Johannesburg - Umlingisi uRoderick Jaftha uthi akanasikhathi sabantu abamgxekayo ezinkundleni zokuxhumana, kusho umbiko wephephabhuku iDrum.

Lo mlingisi uthole ukugxekwa okukhulu ngendlela abukeka ngayo kulandela ukuvela kwiRhythm City ngesonto eledlule, njengoba abantu ezinkundleni zokuxhumana bethi akusabonakali ukuthi ungumuntu oyedwa nalowo owayelingisa indawo kaGlen Majozi kwiGenerations.

“Kumele uke ungene ezicathulweni zomuntu ngaphambi kokuba umahlulele," kusho uRoderick eziphendulela, wananela ngokuthi akakaze azithinte izidakamizwa empilweni yakhe futhi akaze abe yisidakwa yize impilo ibingelula kuye.

URoderick, onezingane eziyisithupha, uthi sekuphele isikhathi eside engasebenzi.

OLUNYE UDABA: Umlingisi ukhala ngokuqhathaniswa nomlingiswa

Ngaphambi kokuba ashiye kwiGenerations eminyakeni engu-15 eyedlule, leli geza lensizwa elinguGlen Majozi lalingaconsi phansi kwabaningi ngesikhathi lithandana noVivian Majozi (Faye Peters) noKarabo Moroka (Connie Ferguson) kanye kanye.

Uthi kuyethusa ukuthi abantu balindele ukuba ubukeke ngendlela efanayo nayebukeka ngayo eminyakeni engu-20 eyedlule.

"Ngiyajabula ngoba sengithole umsebenzi, ucingo lwami beluthule isikhathi eside kungekho lutho engilutholayo. Baningi abantu abatshengisa intshisekelo yokusebenzisana nami. Izinto ziyathembisa impela," kusho uRoderick.

"Bengikukhumbule kakhulu ukulingisa, bengiphatheka kabi uma ngidlula kushuthwa ngisho ngenhliziyo ukuthi nami kufanele engabe ngiyingxenye yalokhu okushuthwayo," esho.

Thola udaba oluphelele lapha.

- Drum

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 21-33°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 19-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-30°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-27°C Morning clouds. Mild. PE: 23-28°C Decreasing cloudiness. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...