Angeke ngilokhu ngiphathana nebhayibheli - Babes Wodumo

2016-09-22 13:34

Johannesburg - UBabes Wodumo ugeqe amagule wathi akusho ukuthi ngoba nakhu eyindodakazi yamfundisi akusho ukuthi kufanele naye alandele izinyathelo zikayise, wathi abazali bakhe babizelwa nguNkulunkulu kulokho, hhayi yena.

Ngesikhathi ekhuluma nabeThe Citizen lo mculi weculo iWololo uthe umsebenzi wakhe awuchazi ukuthi akasesiye umKrestu. Udalule ukuthi yize eyingane yomfundisi abantu abangalindeli ukuthi afane nobaba wakhe ngoba ungumculi futhi ungumdansi akasiye umfundisi.

OLUNYE UDABA: Abazalwane bakhala ngoBabes Wodumo ongasalubhadi esontweni

"Ngiyindodakazi yomfundisi kodwa angisiye umfundisi. Uma ubaba wakho eyiphoyisa, awuhambi ubopha abantu, kuyafana ke nakimi; angikwazi ukuhamba ngiphethe ibhayibheli. Umama nobaba babizelwa, hhayi mina," usho njalo etshela leli phephandaba.

"Ngisakholelwa kuNkulunkulu. Ngiyamuqonda uNkulunkulu. UNkulunkulu uyazi ngiyamuthanda futhi ngiyakuthanda nokudansa," usho njalo eqhuba.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-17°C Sunny. Mild. Pta: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 6-24°C Sunny. Mild. Bloem: 3-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 13-21°C Mostly sunny. Cool. PE: 11-19°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...