Angeke aphinde amthole - Babes Wodumo

2017-10-30 09:29

Johannesburg - Kusabalale ivideo etshengisa uThandeka "TDK" Mkhwanazi omngumculi osayindwe nguDJ Cndo ezinkundleni zokuxhumana.

Kule video uTDK ubonakala ewa phansi kwaphuma nezinwele zakhe  "isigqoko" ekhanda. Abantu baphawule ngale video abanye bekhuluma bethi wayeyintombi kaMampintsha owaduma kwiBig Nuz.

Lokhu kwenze ukuba umculi uBongekile "Babes Wodumo" Simelane aphawule, athi: "Waf*ba ngeke aphinde amthole. Akahlale phansi usisi, walithola ithiba lakhe kodwa walimosha ngokungathembeki," kusho uBabes.

OLUNYE UDABA:Ulaxazwe yimenenja uBabes Wodumo

UTDK akazange awuvale umlomo, wathi uBabes wayengumlandeli wakhe waphinde wathi wangena kulo mkhakha ngokulala nabaculi.

"Udinga imithandazo futhi, ngaphandle kwalokho, isoka lakho elineminyaka engu-40 linoshukela (isifo sikashukela). Kazi ubhekanan kanjani nomkhaba walo nokungaphansi kwawo wazi kahle ukuthi akusebenzi..."

"Awuzisize, uphindele ekhaya, ugxile kuwe, umsebenzi wakho nesikole uzakhele ikusasa lakho," kusho uTDK.

UMandla "Mampintsha" Maphumulo uthe lolu daba lubuhlungu futhi uBabes ubengeke aphawule ngalo.

 - The Citizen

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-27°C Numerous showers. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 14-22°C Heavy rain. More sun than clouds. Mild. Bloem: 10-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-22°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...