‘Angazi ukuthi uSenzo wayeboneni kuKelly Khumalo’

2016-06-28 11:30

Durban – Umndeni kaSenzo Meyiwa, ongasekho emhlabeni, uthi asibaphathanga neze kahle isenzo sikaKelly Khumalo sokukhuluma ngendodana yabo ngaleya ndlela.

UKhumalo ube nengxoxo ne-MTV Base lapho ebegeqa khona amagula ngempilo yakhe, kubika iSolezwe.

Kule ngxoxo uKhumalo waveza ukuthi ukuthanda kwakhe noMeyiwa kwamuchithela isikhathi wathi futhi umufi wayeyixoki ngoba wamfihlela ukuthi unengoduso.

UKhumalo wakhuluma waze wathi akayifuni imali yomshwalense eyaphumela indodakazi yakhe ngoba uyakwazi ukuzikhulisela ingane yakhe.

OLUNYE UDABA: Ngisizwa ukugxila kakhulu kuMdali – Kelly Khumalo

Ubaba kaMeyiwa, uSam, uthe uKhumalo uyisiqalekiso kubo bewumndeni.

“Uqale wafihla ukuthi obani ababulala indodana yami, usuka lapho useyokhuluma kanje kumabonakude.

“Kungumthandazo wethu ukuthi uKelly aboshwe bese eyophendula enkantolo. Sengifisa nokuthi afe uKelly ngoba uyisinengiso ezimpilweni zethu,” esho.

Uthe akazi ukuthi uMeyiwa wayeboneni kuKhumalo ngoba ungcolile, uthe futhi uyasola ukuthi uyawaqoma namaphoyisa yingakho engaboshwa nje.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...