'Angazi kungani abantu begudla iguma, amanyala amanyala nje kwaphela,' kusho usomahlaya

2018-01-10 19:32

EGoli - Usomahlaya wakuleli uCeleste Ntuli usephumele obala ngokugxeka uZodwa Wabantu ngendlela aziphatha ngayo idicilela phansi isithunzi sabesifazane abansundu.

UNtuli ubekhuluma ohlelweni lukaBob Mabena emsakazweni iPower FM ngodaba lukaZodwa, odume ngokungalifaki idilozi.

“Iningi lamantombazane ajwayelekile aliqhakanjiswa, ngisho labo abasebenza ngokuzikhandla emisebenzini yabo. Bese siba nalezo zintombi ezivele zikhumule amaphenti nje bese zithola udumo.

OLUNYE UDABA:Kugxekwe uZodwa Wabantu ngolimi oluqosheme

“Iyangicasula leyo nto! Angiqondisisi ukuthi kungani abantu belokhu begudla iguma belushalazela lolu daba. Amanyala lawaya! Kwenza thina abesimame abansundu sibe yizona kanye lezi zinto esizama ukulwa nazo."

Lo somahlaya uthi akukho angakusho kuZodwa futhi akafuni ngisho nokuthatha izithombe naye.

Uthi abantu besimame abansundu basilwele kanzima kabi isithunzi sabo nokuqeda inkoleloze kodwa kuyamcasula ukubona abanye bebuyela kuzona.

- Times Live

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 14-24°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 11-22°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 6-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-24°C Decreasing cloudiness. Mild. PE: 12-22°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...