Angase ashaye ibuya kwaSABC uMarawa - Umbiko

2017-10-09 11:03

Johannesburg - URobert Marawa owaxoshwa kwa-Metro FM ohlelweni lwezemidlalo angase ashaye ibuya ngemuva kokucelwa yisikhulu sakwaSABC uBessie Tungwana ukuba abuye, ngokusho kwemibiko.

Nakuna kunjalo, ngokusho kwezinye izikhulu eziphezulu, lesi sinqumo sesicasule kabi umphathi wesiteshi uSibongile Mtyali ngoba akukhulunywanga naye ngalolu daba.

ISunday World ibika ukuthi uMarawa ubenomhlangano noTugwana e-Auckland Park emasontweni amabili edlule kuzokhulunywa ngokuthi abuye.

Nakuba kungacaci ukuthi usamukele yini isicelo, kukholakala ukuthi izisebenzi zakwaSABC seziqalise amalungiselelo okubuya kwakhe ohlelweni i-Sports @6 kuMetro FM, olwethulwa ngu-Udo Carlese njengamanje.

OLUNYE UDABA: Uqinisekise olokwehlukanisa oyijaji kuka-Idols

UMarawa uthe uyazi ukuthi angase abuyele kwaSABC, kodwa wakuphika ukuthi uke wahlangana noTugwana ukudingida lolu daba.

Uthe sekunezinyanga ezintathu amgcina uBessie Tugwana, ngakho akulona iqiniso ukuthi bake bahlangana ukukhuluma ngalolu.

UMarawa waxoshwa kwi-Metro FM ngoJulayi ngenxa yokungaboni ngasolinye okwase kudonse isikhathi eside.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 17-28°C Rain showers. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers early. High level clouds. Mild. Bloem: 13-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-24°C Showers early. Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...